Abalisa abayisithupha basale enkundleni ngesikhathi bezwana amandla namaphoyisa ezintatha zanamhlanje, e South Beach, eThekwini.
Okhulumela amaphoyisa u Robert Netshiunda, uthi labalisa bebefunelwa amacala ehlukene, okubalwa kuwona elokubulawa kwabantu abane e Marianhill nge Sonto, elokubulawa kwabathathu elokishini lase Mpumalanga ngo Lwesihlanu, namanye okubamba inkunzi nokudayisa izidakamizwa. Uthi bancinzwe indlebo ngothile,obatshele ukuthi bandawana thizeni e Newlands, nokuthe uma befika khona bangabathola kodwa bakwazi ukulandela umkhondo obaholele kwelinye ibhilidi elise South Beach.
" Ngesikhathi amaphoyisa efika kulelibhilidi ebelicashe labalisa, amemezile ukuthi abaphume,bazinikele kodwa bavele bavulela ngenhlamvu bebhekise kuwona. Amaphoyisa abuyisele ngayo inhlamvu, kwasho kona ke ukuthi amageja awalingani, ishoba lalala amazolo kulabalisa. Endlini ebebecashe kuyona kutholwe izibhamu ezintathu, ezizoyohlolwa ukuthi abukho yini obunye ubugebengu ezisetshenziswe kubona."- kulandisa u Netshiunda.
Alikho iphoyisa elilimalile kulesigameko kanti athi asezithendeni zomsolwa okubhaliswe ngaye lendlu obekucashe kuyona labalisa.