Abantu bakwa Zulu Natal bathi abasizwa futhi abahambisani nakancane nje nesiphakamiso esenziwe i National Energy Regulator of South Africa, sokuthi kunyuswe imali kagesi ngamaphesenti angamashumi amathathu nesithupha.
Loku bakuveze ngesikhathi kuqhubeka uhlelo luka Nersa lokuzwa imibono yabantu ngalesiphakamiso. Loluhlelo beluqhutshwa ezingxenyeni ezahlukene zesifundazwe kanti luphothulwe ngempelasonto. Okugqamile ukuthi bonke abantu abahambisani nalesiphakamiso njengoba besibona njengokuhloswe ngaso ukubaxhaphaza ekubeni bevele bedonsa kanzima ngakwezomnotho.
Phakathi kwezinto abazivezile abantu,ukuthi u Eskom ufana nomgodi ongagcwali, ophethwe abantu abangogombela kwesabo, nabathi ikona okwenza ukuthi uhlale usenkingeni yezimali. Bathi awuzame ezinye izindlela ongazikhipha ngazo kulolubishi ozifake kulona, ungasebenzisi umphakathi.