Amaciko akwa Zulu Natal aseqale umkhankaso wokuthi athole izimpendulo ngokusebenza kwezikhungo okuthiwa ezawo kanye nokusebenza kwesabelomali ezisithola e Mnywangweni wezobuCiko namaSiko. Loku kuza ngemumva kokuba kuqubuke izinsolo zokuthi kukhona ogombela kwesabo, abavalela ngaphandle amaciko ezintweni okungezawo ukuze bezozinothisa bona.
Umvusi wenyamazane, u Zama Nteyi,oyintatheli ezimele, ubhale ekhasini lakhe ku Facebook ukuthi ushaqekile uma eyofuna indawo yokuzilolonga e KZN Music House, wahlangana nabengakulindele njengoba etshelwe ukuthi kunabathile okumele akhulume nabo ngoba ibona abathatha izinqumo zokuthi lendawo isetshenziswa obani. Uthi ukhulumile nalaba adluliselwe kubona, bamnika impatho engeyinhle, bamphica nangemibuzo ebiyenza kucace ukuthi angeke ayithole into ayifunayo ngoba akekho emabhukwini alaba abaphethe izintambo.
Kusukela lapho u Nteyi uvule inkundla ka WhatsApp lapho amaciko ekhuluma khona ngezingqinamba abhekene nazo. Ngale kwezingqinamba, aphinde aqhamuke nemibono ngokumele kwenziwe ukuze zizolungiseka. Okugqamile kulenkundla ukuthi amaciko amaningi awaphathekile kahle kodwa anengebhe yokukhuluma ngokukhululeka ngokuwadlayo.
Sekuqalwe nephethishini yokuthi kube noshintsho endleleni okusingethwe ngayo ezobuciko kulesifundazwe kanti kunxuswa wonke amaciko, nabasondelene nemboni yezobuciko ukuthi bayisayinde.
Loludaba luyaqhubeka.