I African National Congress igcine iwaqinisekisile amahlebezi abesegcwele izwe lonke lokuthi isithathe isinqumo sokumkhomba indlela lowo owayenguMongameli wayo, u Jacob Zuma. Lamahlebezi aqale ukusabalala izolo ngemumva kokuthi kuthiwe kunombiko oputshukile omayelana nobekudingidwa ubuholi baleliqembu.
U Zuma wazidonsela amanzi ngomsele ngasekupheleni konyaka odlule, ngesikhathi ephumela obala ngokuthi angeke ayivotele i ANC eholwa u Cyril Ramaphosa okhethweni lukazwelonke obelubanjwe mhla zingu 29 ku May. Wathi uzovotela i MK Party eyayisanda kusungulwa,asenguMongameli wayo manje. Okwadida abaningi ukuthi wakubeka kwacaca ukuthi akasoze ayishiya i ANC, uyoba yilunga layo kuze kube ungena egodini.
U Nobhala jikelele we ANC u Fikile Mbalula ubambe isithangami sabezindaba namhlanje eGauteng,nalapho edalule khona ukuthi sebemazisile u Zuma ngesinqumo sabo sokumkhomba indlela.