Insizwa esizakhele ugazi ezinkundleni zokuxhumana ngokusebenzisa ubuciko ukufundisa isizwe ngezinto ezithinta isintu,u Lungisani Mavundla, ayiwuvali umlomo ngokwesekwa ekutholayo kubalandeli bayo.
Kulezinsuku uMavundla uphansi phezulu ulungiselela umcimbi obizwa ngokuthi Isudukesi , kuwona azopha intokazi yakwa Shezi uMashudula izipho ngemumva kokuthi yamgaxa ucu phambi kwezihlwele ezazibuthene e Curries Fontein ezinyangeni ezedlule. Lomcimbi uzobe uqhakambisa ezinye izinto ezinhle ezenziwayo ngokwesintu kuloluhambo lukamaqomana.
Ukuqinisekisa ukuthi lomcimbi uba yimpumelelo, abalandeli bakhe bamxhasa ngezinto ezahlukene, okubalwa kuzona imali kanye nezimpahla. U Sibongiseni Mbambo ongumnikazi wendawo ehlinzeka ngokudla kwesintu ese Mhlanga, i Mushroom Lounge, unikele ngenkomo ephelele, ukuqinisekisa ukuthi abazobe bethamele lomcimbi bathola okuya ethunjini. Nenyanga yodumo yaseMathulini,u Nongxamela,ayisalanga ngaphandle njengoba nayo imgixabeze ngenkomo uMavundla. Bakhona nabanye okuvela ukuthi bathembisa ukuphonsa esivivaneni.
Kwelinye lamakhasi akhe ezinkundleni zokuxhumana,uzibongele kakhulu kubalandeli bakhe. Uthi bamthobisile ngokumkhombisa ukuthi abamthandi ngezithupha nje kuphela kodwa bamthanda ngokweqiniso.
U Mavundla uyaziwa ngamagalelo akhe kwezobuciko njengoba engumbhalo wezincwadi ezahlukene,okubalwa kuzona nethi Unyaka wesithembiso, ayeyifunda emsakazweni uKhozi FM. Uphinde abe u Msakazi esiteshini somphakathi esizinze eThekwini ,Izwi Lomzansi.