Inkampani ephakela elakuleli ngogesi, i-Eskom, ithi abantu bakuleli abakhululeke ngoba akukho ukunqamuka kukagesi okulindelekile kulelihlobo.
Oyisikhulu esiphezulu kulenkampani, u Dan Morokane, uthi ukunqamuka kukagesi okungabakhona, sekungaba okungalindelekile nje kuphela. Uthi inkinga enkulu ababhekene nayo njengamanje eyokuthi kusewumqansa ukuthi bafinyelele esikalini sikagesi esiwu 15 000 MW njengoba manje behleli ngaphansana kuka 13 000 MW. Lokukuyinto engeyinhle ngoba kungaholela ekutheni izwe libe sesigabeni sesibili sokunqanyulwa kukagesi.
Lezindaba zivela nje, elakuleli ligubha izinsuku eziyikhulu namashumi amahlanu, lingabhekananga nokunqamuka kukagesi.