Abomabu base Ndiya bakhala ngokuthi bona abamelelekile kwiKhabhinethi yakwaZulu Natal. Le Khabhinethi entsha emenyezelwe uNdunankulu wesifundazwe uThami Ntuli ngeledlule, yakhiwe abaMnyama abayisishiyagalolunye, nabaMhlophe ababili. Akekho noyedwa owase Ndiya nakuba beyisizwe sesibili ngobuningi kulesifundazwe.
Owayengusekela Meya kuMasipala wase Thekwini u Logie Naidoo uthi i Feedom Charter ikubeka kucace ukuthi zonke izinhlanga kumele zithokozele amalungelo nathi loku ngokwakhe kuchaza ukungacwasi ngokobuhlanga nangokobuzwe emiphakathini. Uthi yingakho ke kumele ngabe bamelelekile kuzwelonke,esifundazweni nakohulumeni basekhaya.
U Muhammad Asgahar Khan we Al Jama-ah usenxuse uNdunankulu u Ntuli ukuthi alubheke kabusha udaba lwale Khabhinethi yakhe. Uthi wonke amaqembu ezepolitiki akhumbula amaNdiya uma kuyisikhathi sokhetho kuphela njengoba egijimela kuwona ukuwanxenxa ukuthi awavotele. Uma sekunikezwana izikhundla zokuhola, kufakwa oyedwa noma ababili kubona.