Amaphoyisa akwaZulu Natal asekwenze kwacaca ukuthi awanaso nesincane isikhathi sokudlala umasigcozi nezigebengu ezigcwanekayo. Kulelisonto nje kuphela, sekube nezigameko ezintathu lapho elahle khona phansi ngenhlamvu abasolwa ebebefunelwa amacala ehlukene.
Esigamekweni sakamumva esenzeke eMpangeni izolo ngoLwesine, amaphoyisa adubule,abulala abalisa abathathu. Okhulumela amaphoyisa u Robert Netshiunda uthi bancizwe indlebe ngokuthi labasolwa bacashe kuphi, bangabe besapholisa maseko,banikela khona. Uthi bathe uma befika kulendawo, abasolwa bavulela ngenhlamvu bebhekise kubona, nabo baphendula ngayo inhlamvu,ishoba lalala amazolo kubasolwa.Enkundleni kutholwe izibhamu ezimbili.
U Netshiunda uthi labasolwa bebefunelwa amacala ehlukene, okubalwa kuwona isigameko sokuqhunyiswa komshini wemali esenzeke Esikhaleni,nokushone umsolwa oyedwa kusona.