AWUKHO UNQAMLAJUQU OBEKELWE UMONGAMELI UKUTHI AQOKE IKHABHINETHI

By Sithembiso Sibisi · Jun 26, 2024
AWUKHO UNQAMLAJUQU OBEKELWE UMONGAMELI UKUTHI AQOKE IKHABHINETHI picture

Abahlaziyi bezepolitiki abehlukene bathi ngokomthethosisekelo wakuleli,alukho usuku oluwungamlajuqu olubekelwe u Mongameli weZwe ukuthi aqoke ikhabhinethi yakhe. Basho loku nje uMongameli u Cyril Ramaphosa bekulindeleke ukuthi amemezele ikhabhinethi yakhe ngoLwesibili kodwa kwangenzeka ngoba usavalelene emhlanganweni namaqembu ayisishiyagalolunye asayinde isivumelwano sokungena kuhulumeni owumbimbi.

U Piet Croucamp ongomunye wabahlaziyi,uthi abantu kumele baqonde ukuthi izingxoxo zingathatha isikhathi eside. Akukuhle loku ngoba kuningi okuphazamisekayo njengoba kunemisebenzi edinga ukwenziwa oNgqongqoshe kuphela, ezinye izikhulu zikahulumeni ezingagunyaziwe ukuyenza. Uthi kwamnanye amazwe izingxoxo zaloluhlobo zidonsa isikhathi esilinganiselwa ezinyangeni eziyisithupha.

Kwenzeka konke loku nje, kunamaqembu angayizwa kahle eyokuthi sekudlule isikhathi esingaka ingaqokiwe iKhabhinethi. I SACP ingelinye lalawomaqembu afakela uMongameli ingcindezi yokuthi kuzomele ayimemezele ngokukhulu ukushesha ikhabhinethi yakhe. 

Share on

Comments

No comments yet.
Click here to contact us on WhatsApp