Inhlanzi kubukeka sengathi izoshelwa amanzi emacikweni akuleli angamagovu, abezitamuzela imali yoMnyango wezama Ciko nama Siko ngokuthanda,engekho owanqandayo. Loku kuzokwenzeka uma okushiwo u Ngqongqoshe waloMnyango u Gayton McKenzie kuba yimpumelelo.
U McKenzie uthi usekhiphe umyalelo wokuthi wonke amaciko azohlomula noma ingayiphi indlela eMnyangweni wakhe, ashicilelwe lapho ezobonwa khona yizwe. Akuzukugcina nje ngokuthi kuvezwe amagama awo kodwa kuzovezwa nokuthi athole malini,nokuthi eyokwenzani. Loku kusho ukuthi kuzophela ngamaciko azicebisa ngemali yoMnyango, athole izizumbulu zokuthi azokwenza imisebenzi ethile, egcina ingenziwanga nemali ingabuyeli emumva.
Ngale kwaloku,uMc Kenzie uziphendlele indawo ezinhliziyweni zabaningi ngokuveza ukuthi uyalele abaMmeli bakhe ukuthi bathathe umholo wakhe wokuqala engu Ngqongqoshe, bawuhlukanisele amaciko amathathu akwesinye isikhungo abesihambele. Uthi uthintekile uma lamaciko emxoxela ngezingqinamba abhekene nazo kodwa kumthokozisile ukubona ukumamatheka kwawo uma esethole lemali.