U Ndunankulu wakwa Zulu Natal, u Mnu. Thami Ntuli, uthi iningi labantu abakuleli ngokungemthetho, ababoshwa ezinyangeni ezimbili ezedlule, ngesikhathi kunomkhankaso wokukhuculula i Theku, sebebuyiselwe emazweni abo. Uthi abangagodukisiwe ilabo okutholwe ukuthi banamacala okusafanele babhekane nawo.
Bangaphezu kwekhulu namashumi amabili ngesikhathi amaphoyisa egasela kungazelelwe endaweni yase Phoyinti, esiyaziwa ngokuba isidleke sabokufika kanye nayoyonke inkohlakalo. Phakathi kwezinto ezatholwa kulomkhankaso, izibhamu nezinhlamvu okungekho emthethweni, izidakamizwa ezinhlobonhlobo, nezizumbulu zemali ewumbombayi.
U Ntuli uthi iyaqhubeka nakwezinye izindawo imikhankaso yabo yokukhuculula. Osukwini lwayizolo bagasele e Albert Park, nokungenye yezindawo esezidume ngokungaphephi ngenxa yobugebengu.