Umphakathi wakwaNdengezi usuzwakalise ukujabula ngendlela engachazeki kulandela ukubulawa kwabalisa abayisithupha, abafe bedubulana namaphoyisa, eSouth Beach,izolo ekuseni.
Labalisa kuthiwa besebewuhlukumeze kakhulu umphakathi njengoba bebethinteka emacaleni ahlukene, okubalwa kuwona awokubulala, awokuntshontsha nawokubamba inkunzi. Kusolwa ukuthi ibona futhi ebebeqoqa imali ebebeyibiza ngokuthi eyokuvikeleka emabhizinisini asemalokishini. Abebengayikhokhi lemali kuthiwa bebebahlukumeza kanzima,kwesinye isikhathi bagcine bebabulele.
Amalunga omphakathi anikele ezinkundleni zokuxhumana, ancoma uKhomishana wamaphoyisa kwaZulu Natal,u Nhlanhla Mkhwanazi nethimba lakhe, ngomsebenzi omuhle abawenzayo ukulwisana nobugebengu. Kukhona abathi bafisa ukumbonga ngokuthi " bamfakise isandla." Kukhona abathi bafuna ukumthengela ibhodlela, bakhona nabafuna imininingwane yakhe yasebhange ukuze "bezomfakela okuncane". Kukona konke,okugqamile, ukuthi umphakathi wakulendawo ukhahlamezeke kakhulu ubugebengu.
Ngemumva kwesigameko sokubulawa kwalabalisa, uMkhwanazi ukubeke kwacaca ukuthi amaphoyisa angeke ahlale nje asonge izandla, ekubeni enomsebenzi wokugcina isifundazwe siphephile.