Izinhlangano ezibhekele abesifazane nezingane kuleli, seziphakamise ukuthi kubenebhuku lapho kuzoshicilelwa khona amagama abobonke abatholwa benamacala okunukubeza ngokocansi. Loku kulandela ukudlanga kwezigameko zokudlwengulwa kwabesifazane nezingane.
Esigamekweni sakamumva, esishiye abaningi bebambe ongezansi, owesilisa wase Verulam uboshelwe ukunukubeza abafana abasebancane ngokocansi. Lomlisa oneminyaka engamashumi amahlanu nesikhombisa ubudala, ungumqeqeshi walabafana ebholeni futhi uphinde abahlinzeke ngezifundo ze Bhayibheli.
Izinhlangano ezahlukene zithi ukushicilelwa kwamagama abanukubezi ebhukwini elizobonwa kakhulu iziphathimandla zezinhlaka ezahlukene, kungasiza ukulwisana nalesihlava sokudlwengula. U Eureka Olivier we Bobby Bear uthi lelibhuku akumele litholwe inoma imuphi umuntu emphakathini ngoba loku kungabhebhezela phambili isimo kunokuthi kusidambise.