INkantolo ka Mantshi yase Mtunzini, igwebe kanzima abesifazane ababili nowesilisa oyedwa ongu Mfundisi, ngecala lokubulala izingane ezimbili, bethi bazikhipha amadimoni.Lesigameko senzeka e Nkandla ngo 2020 ngesikhathi laba besifazane ababili bemema u Mfundisi ukuthi azobakhiphela amadimoni ezinganeni ezazineminyaka eyisishiyagalolunye, neyishumi ubudala.
Bobathathu abasolwa batholwe benecala lokubulala. Abesifazane bobabili bagwetshwe iminyaka engamashumi amabili nanhlanu umuntu ngamunye, u Mfundisi yena wagwetshwa eyishumi nanhlanu.
Inkantolo ithi bekuyicala elingajwayelekile leli ngoba bobathathu laba babekholelwa ekutheni izingane zinamadimoni. Ithi kungalesizathu ingabagwebanga udilikajele.