Abamatekisi abatelekile ezingxenyeni zesifundazwe ezisogwini oluse Ningizimu, bakhala nge Operation Shanela njengoba bethi ayibasebenzisi neze kahle. Bathi zingaphezu kwamashumi amathathu izimoto zabo eziyiswe ephawundini ngenxa yaloluhlelo.
Namhlanje abantu kudingeke ukuthi bazame imizamo yokuthi bafinyelele ezindaweni abafuna ukuya kuzona njengoba kuvukwe kungahambi lutho oluyisithuthi somphakathi. Izindawo ezikhahlamezeke kakhulu ise Port Sherpstone, Margate nase Mzinto. Abamatekisi bathi angeke babuyele ensimini, zingadedeliwe lezimoto ezithathiwe. Bafuna uMnyango weZokuthutha ubhekane futhi nezinyo izikhalo abanazo, abathi ziyaziwa kuwona.
U Ngqongqoshe weZokuthutha kwa Zulu Natal, uSiboniso Duma, uthi bandise amaphoyisa kulendawo ukuthi aqaphe isimo. Okhulumela loMnyango u Ndabezinhle Sibiya,uthi kuhlelwe umhlangano ozoba phakathi kuka Ngqongqoshe u Duma ne SANTACO maduze nje. Uthi usuku lalomhlangano luzomenyezelwa kungekudala.