O Sopolitiki bakwa Zulu Natal udaba lwabo obeselusezandleni zabomthetho ngenxa yokungaboni ngasolinye, sebekhumelene umlotha.
UNgqongqoshe wezeMpilo esifundazweni u Nomagugu Simelane no Ndunankulu wesifundazwe uMfu. Thulasizwe baba nokushayisana ngemumva kokuthi u Buthelezi esole u Simelane ngokuthi wakhuluma kabi futhi washo izinto ezingelona iqiniso ngaye. Lesigameko senzeka endaweni yase Vruheid ngesikhathi kukhankaselwa ukhetho. Isimo besesishube kakhulu ngoba u Buthelezi ubeselifake eNkantolo loludaba,efuna ukunxeshezelwa ngezigidi eziyishumi zamarandi.
Laba bobabili sebengabalingani njengoba bobabili sebesebenza ngaphansi kukahulumeni wesifundazwe.