BAMFUNA EPHUMILE OWE DA EPHALAMENDE

By Sithembiso Sibisi · Jun 18, 2024
BAMFUNA EPHUMILE OWE DA EPHALAMENDE picture

Abantu bakuleli sebeqale umkhankaso wokuthi iPhalamende lisibuyekeze isinqumo salo sokufaka iKhansela le Democratic Alliance,u Renaldo Gouws. Loku kulandela ukuvumbuka kwama video amadala lapho u Gouws ayekhuluma khona izinto ezikhombisa ukucwasa ngokobuhlanga.

Kwenye yama video u Gouws uzwakala ethi loku okwakwenzeka kubantu abamnyama ngezikhathi zobandlululo, ukushaywa nokubulawa kwabo,sekwenzeka kwabamhlophe manje. Uthi akanendaba noma angabizwa ngombandlululi kodwa iqiniso ukuthi akulula ukuba owebala elimhlophe kuleli.

Nakuba axolisa ngalezinkulumo zakhe,wathi wayenziwa yintukuthelo eyayibangelwa ukuzwa u Julius Malema no Jacob Zuma becula iculo elithi akubulawe amabhunu, abantu bakuleli bathi abayizwa eyokuxolisa kwakhe. Bakhala ngokuthi akusuki ngaphakathi kodwa uxolisa ngoba ephoqwe isimo.

Umkhankaso wokuthi aphume aphele ePhalamende ususekwe abantu abangaphezulu kuka 16 000 kanti kulindeleke ukuthi lesibalo sinyuke njengoba bebaningi abakhombisa ukjuweseka.

Share on

Comments

No comments yet.
Click here to contact us on WhatsApp