UMnyango weZemfundo kwa Zulu Natal uthi babalelwa ezinkulungwaneni eziyishumi nanye othisha abangase balahlekelwe umsebenzi kulesifundazwe uma kuqhubeka ukunqanyulwa kwesabelomali okuhlongozwayo.
Izinkinga kuthiwa ziqale ngesikhathi uhulumeni uvuma ukunyusa amaholo abasebenzi bawo ngo 7.5%, ekubeni singanyusiwe isabelomali. Loku sekwenza ukuthi kushode esikhwameni somnyango. Okhulumela loMnyango. uMuzi Mhlambi, uthi lenkinga isineminyaka eyisithupha iqhubeka. Uthi bona umsebenzi wabo ukuqinisekisa ukuthi ukufunda nokufundisa kuqhubeka ngendlela efanele kodwa bagcina bengakwazi ukukwenza loku ngoba bagcina behluleka ukuhlinzeka othisha ngezinsiza zokuthi benze umsebenzi wabo.
Okhulumela i South African Democratic Teachers Union,u Nomarashiya Caluza, uthi ukulahlekelwa umsebenzi kothisha, kuzothwesa umthwalo onzima emahlombe alabo abazosala. Uthi owabo umbono ukuthi uMnyango weZemfundo ubuyekeze ukuthi usisebenzisa kanjani lesabelomali esincane onaso.