OSonhlalakahle abangaqashiwe abaliqhakumisa ezingxenyeni ezahlukene ze KwaZulu Natal bathembisa ukuqhubeka nokumasha kuze kube izikhalo zabo ziyezwakala. Okusemqoka abakhala ngako ukungaqashwa futhi abakuboni okwenziwayo ngalesimo sabo.
Ngesonto eledlule laboSonhlalakahle bamashela emahhovisi kahulumeni aseMgungundlovu nalapho banxusa uNdunankulu uThami Ntuli ukuthi angenelele kuqhanyukwe nesisombululo kulesimo abazithola bebhekene naso. Bamnikeza izinsuku eziyisikhombisa ukuthi kube khona aqhamuka nako.
Okhulumela laboSonhlalakahle uNothando Ndlovu,uthi uma lize lishona elanamhlanje kungekho okuqhanyukwa nabo,bazophoqeleka ukuthi baye koduva emahhovisi kahulumeni kusasa kuze kube bayanakwa. U Ndlovu ukhala ngokuthi iziphathimandla ziye ziziveze njengabantu abaziqondayo izinkinga zabo uma bephambi kwabo. Uthi bafuna uhulumeni wesifundazwe ukubeke eqhulwini ukuqashwa kwabo ngoba bawumgogodla wemiphakathi.