i Nkantolo ye Mantshi yase Manzini, eSwazini, isikhiphe isinqumo sokuthi zibuyiselwe kuleli izelamani zakwa Ndimande okusolakala ukuthi zabalekela kuleliyazwe ngemumva kokubulawa komculi wakuleli u Kiernan Forbes owayedume ngelika AKA, nomngani wakhe u Tebello Motsoane.
Lezelamani ezingo Siyabonga no Malusi zizojoyina abanye abahlanu ababoshelwe kuleli, emacaleni okubulala, ukuzama ukubulala, nokwakha uzungu lokubulala. Ummeli wazo uzame konke okusemandleni ukuthi zingabuyiselwa kuleli kodwa kwanhlanga zimuka nomoya. Kwale noma esethi zizobe zingaphephile kuleli kodwa i Mantshi yamnikeza isiqinisekiso sokuthi zizobe ziphephile.
Ukuqulwa kwecala kuzoqhubeka ngo November njengoba kusaqhutshwa olunye uphenyo, oluthinta imali okwakhokhelwa ngayo ababulali.