Amaphoyisa ka Masipala weTheku athi azokwandisa izivimbamgwaqo ezindaweni ezahlukene ngezimpelasonto, ngenhloso yokulwisana nesihlava sabantu abashayela bedakiwe. Ngempelasonto edlule nje kuphela, bangamashumi amathathu nambili abantu ababoshelwe ukushayela bebudlonyile e Durban North nasezingxenyeni zase Msunduzi.
Okhulumela amaphoyisa kaMasipala u Boysie Zungu, uthi kulaba ababoshiwe, kukhona nebebeqise kakhulu njengoba omunye ubenesikali sika 0.99 satshwala egazini. Uthi kungalesizathu ke bekhethe ukuqinisa isandla, bandise nezivimbamgwaqo.
U Zungu uthi kuyinto eyaziwayo ukuthi izingozi eziningi emigwaqweni yakuleli,zibangelwa abantu abashayela bephuzile ngakho bayabanxusa abashayeli ukuthi baziphathe kahle, bahlukane nalomkhuba.