Abantu abakhele u Masipala wase Msunduzi, abangazilungisile izikweletu zabo zamanzi nogesi, bangase bazithole behleli ebumnyameni futhi bevalelwe namanzi. Loku kudalulwe iziphathimandla zalo Masipala, ezithi phakathi kwabakweletayo, kukhona nezikole ezingamashumi amabili nantathu, ezikweleta imali engaphezulu kwezigidi ezingamashumi amathathu nambili zamarandi.
Okhulumela lo Masipala, u Ntobeko Mkhize, uthi sebawuthumelela u Mnyango weze Mfundo incwadi yesixwayiso ngaloludaba, nangesinyathelo abahlela ukusithatha.
"Siwu Masipala siyalazisa kakhulu iqhaza elibanjwe izikhungo zezemfundo emphakathini futhi siyawuqonda umonakalo ozodalwa ilesinqumo esisithathayo kubafundi. Nakuba kunjalo, sizithola siphoqelekile ukuthi siqinise umthetho, silandele nemigomo ka Masipala yokuqoqwa kwezikweletu. Kumanje kukhona asebenikezwe umsebenzi wokuthi baqale bacishe ugesi emizini ekweletayo. " - kuchaza u Mkhize kafushane.
U Mkhize uthi bafinyelele kulesinqumo ngemumva kokuba bewululele isikhathi u Mnyango weze Mfundo ukuthi ulungise isimo kodwa wahluleka. Ube esenxusa bonke abakweletayo ukuthi basondele emahhovisi abo, ukuze kuzokwenziwa izinhlelo zokuthi bangsizakala kanjani.