BETHULWE NGOKUSEMTHETHWENI UBUHOLI BO MKHONTO WESIZWE

By Sithembiso Sibisi · Aug 22, 2024
BETHULWE NGOKUSEMTHETHWENI UBUHOLI BO MKHONTO WESIZWE picture

U Mkhonto Wesizwe, namhlanje wethule ngokusemthethweni ubuholi bawo bukazwelonke. Leliqembu loku likwenze esithangamini sabezindaba ebesibanjelwe e Gauteng.

Alukho ushintsho olutheni kwabayisishiyagalombili, abaphambili kuloluhla njengoba u Mnu. Jacob Zuma esazoqhubeka abe u Mongameli, u Sekela wakhe kube u Dkt. John Hlophe. u Nobhala jikelele u Dkt. Sifiso Maseko, uSekela wakhe u Nombuso Mkhize , uMhleli ka Zwelonke u Floyd Shivambu, uSihlalo ka Zwelonke u Nkosinathi Nhleko, u Sekela wakhe kube u Wilson Sibiloane, u Mgcinizimali kube u Menzi Ngubane." 

Ukumenyezelwa kuka Floyd Shivambu njengo Mhleli ka Zwelonke, kuthokozelwe abaningi njengoba bekunemibuzo yokuthi uzothola siphi isikhundla njengoba eshiye isikhundla esisemqoka kwi Economic Freedom Fighters. Enkulumweni yakhe yokuqala ejoyine leliqembu, ukhale ngokwanda kwamaqembu abamnyama okumele ngabe ayahlangana. Ube eseqinisekisa ukuthi i MK isiyikhaya lakhe umomphela.

Leliqembu likucacisile ukuthi angeke libe nayo ingqungquthela yokukhetha ubuholi okwamanje ngoba liselisha futhi lisazakha. UMongameli u Zuma , ukhala ngokuthi izingqungquthela sezivamise ukuba nenkohlakalo eningi njengoba abanye besebenzisa imali, ukuthenga abantu ukuthi babavotele. 

Kwenzeka loku nje, i Nkantolo ephakeme yase Western Cape,ilihlehlisile icala elifakwe abayishumi  ebebengamalunga e MKP ePhalamende. Laba bakhala ngendlela abaxoshwe ngayo, abathi ayibanga nabo ubulungiswa ngoba akulandelwanga imigudu efanele, ukuxhumana nabo ngaloludaba. I Nkantolo ithi ilehlehlisele ukunikeza i MK ithuba lokuthi iphendule kuloku emangalelwe ngako.

Share on

Comments

No comments yet.
Click here to contact us on WhatsApp