I Ningizimu Africa isihlonzwe njengelinye lamazwe okuzohlolwa kuwona ikhambi lokuvikela ukusuleleka ngegciwane lesandulela ngculaza, elibizwa nge Lenacapavir. Loku kudalulwe engqungqutheleni yamazwe omhlaba edingida konke okuthinta igciwane lengculaza, ebanjelwe e Germany.
Lelikhambi elijovelwa kabili ngonyaka, selithole ukunconywa kakhulu njengoba kuthiwa limvikela ngokuphelele olisebenzisile,akabe esaba sengcupheni yokusuleleka ngegciwane. Oyisikhulu se Desmond Tutu Health Foundation u Linda-Gail Bekker uthi njengamanje sekungenwe ehlandleni lesibili lokuhlola lelikhambi. Uthi lokuhlolwa kuzokwenziwa emiphakathini eyahlukene,emazweni ahlukene futhi banethemba lokuthi imiphumela izoba ejabulisayo.
Igciwane lengculaza lisaloku liqhubekile nokubhebhetheka nakuba isiminingi imizamo esiyenziwe ukuzama ukulinqanda. I Ningizimu Africa ibalwa namazwe ahamba phambili emhlabeni,ngesibalo sabahaqwe ilolubhubhane.