EZIBUHLUNGU KUSHONA IMBONGI EHLONISHWAYO

By Sithembiso Sibisi · Aug 31, 2024
EZIBUHLUNGU KUSHONA IMBONGI EHLONISHWAYO picture

Imboni yezobuciko iyivala kabuhlungu inyanga yabesifazane njengoba sekuvele izindaba zokudlula emhlabeni kuka Jessica Mbangeni, obeyimbongi ehlonishwa umhlaba wonke.

U Mbangeni uzakhele igama ngokuhaya ngesi Xhosa uma kunemicimbi eyahlukene kahulumeni. Ubengagcini nje ngokuhaya kodwa ubephinde aqhakambise kakhulu imvunulo yesintu njengoba ebenesitolo esiyidayisayo, i KwaNtu Store. Abaningi bazomkhumbula ngengoma ayenza no Vusi Nova ethi, 'Asiphelelanga', ababalisa kuyona ngamaciko asadlula emhlabeni.

Amagalelo akhe aholele ekutheni athole ukuhlonishwa ngeziqu zobudokotela kanti nebandla abekhonza kulona beselimhloniphe ngobu Bhishobhi. Nasemazweni angaphandle ubehlonishwa kakhulu, nobekwenza ahlale emenywa kuwona.

Esitatimendeni,umndeni uveze ukuthi imininingwane ngenkonzo yesikhumbuzo neyokumfihla,kuzomenyezelwa ngesikhathi esifanele. Ube usunxusa ukuthi unikezwe isikhathi sokuthi ubhekane nalesimo ngasese. 

 

Share on

Comments

No comments yet.
Click here to contact us on WhatsApp