I Action SA ikuhlaba iyakuhlikiza ukubuyiselwa kuka Zizi Kodwa ePhalamende lakuleli. U Kodwa obenguNgqongqoshe we Zemidlalo,eZobuciko namaSiko ushiye isikhundla ngemumva kokuba kuputshuke izindaba zenkohlakalo athinteka kuyona. Usemenyezelwe njengomunye wabazogcotshelwa ukuba amalunga ePhalamende kulelisonto.
U Athol Trollip we Action SA uthi uma uke wabayilunga leqembu elenza inkohlakalo,uzithola usuphoqelekile ukuthi nivikelane. Uthi bona njenge Action SA abazimisele ukuba yingxenye kahulumeni owumbimbi ovikela abantu ababhekene namacala abucayi njengo Kodwa,uze ubabuyisele nasePhalamende imbala.