I African National Congress ngomlomo ka Zuko Godlimpi, isikuqinisekisile ukuthi uZizi Kodwa usesulile ekubeni yilunga layo ephalamende. Incwadi yokusula kuthiwa uyithumele izolo, wazibongela nangethuba leliqembu elimnike lona ngesikhathi limqoka.
Kuke kwanomsindo ngenyanga edlule ngesikhathi kukhona ebebezwakalisa ukungathokozi ngokuqokwa kwakhe njengoba kunamacala enkohlakalo abhekene nawo, nagcina eholele ekutheni asule esikhundleni sokuba uNgqongqoshe wezobuCiko,amaSiko nezemidlalo. Usolwa ngokugwazelwa inkampani yezobuchwepheshe, ngemali elinganiselwa esigidini nezinkulungwane ezingamakhulu ayisithupha zamarandi. Loku kuthiwa kwenzeka esikhathini esilinganiselwa eminyakeni eyishumi edlule.
U Godlimpi uthi incwadi ka Kodwa yokusula ephalamende, ifinyelele izolo ezandleni zika Fikile Mbalula onguNobhala jikelele weqembu, nobe esemfisela okuhle kodwa empilweni.