I ANC ISOLWA NGOKUTHATHA ISINQUMO ESINGAPHUSILE

By Sithembiso Sibisi · Jun 19, 2024
I ANC ISOLWA NGOKUTHATHA ISINQUMO ESINGAPHUSILE picture

Umsunguli we Gift of the Givers u Dr. Imitiaz Sooliman uthi iANC yenze iphutha elikhulu ngokuzibandakanya kulohulumeni obiza ngokuthi owombimbi. 

Ekhuluma nesiteshi sikamabonakude i Newsroom Africa ngaphambi kokugcotshwa kukaMongameli uCyril Ramaphosa,u Dr. Sooliman uthi lohulumeni akuwona owombimbi kodwa ungoweqeqebana nje elikhethekile. Uthi uma kungowombimbi njengoba besho,kuzomele babandakanye amanye amaqembu afana ne EFF,i MK ne COPE.Uthi lamaqembu kumele abeke eceleni impakamo,asebenzisane ngoba vele ayinto eyodwa. Uthi i ANC ayicabanganga kahle ngesinqumo sokuzibandakanya kulohulumeni futhi kuyacaca ukuthi kukhona abangaphandle kwayo abayithathela izinqumo ezizovuna bona.

Kwenzeka loku nje,i Patriotic Alliance isikhiphe isitatimende lapho egxeka khona uSihlalo we DA u Helen Zille ngenkulumo yakhe lapho ezwakalise khona ukuthi i ANC yenza iphutha ngokuthatha izinqumo ingabathintanga bona njengabakumbimbi nayo. Lenkulumo ka Zille isuse umsindo njengoba kukhona abayibuke ngokuthi i DA ifuna ukukhonya ngaphezu kwalamaqembu ethi ikumbimbi nawo.

Esitatimendeni i PA ithi kuyaxaka ukuthi uZille athi bekumele kuxhunywane ne DA kuqala, ekubeni i ANC ikubeke kwacaca ukuthi iyona eyamema amanye amaqembu kulolumbimbi. Ithi akuyethusi loku okwenziwa uZille ngoba isike yabhekana nako phambilini ngoba uwuhlobo lomholi oluhlala lufuna kwenziwe izinto ngendlela yalo. 

Share on

Comments

No comments yet.
Click here to contact us on WhatsApp