I Nhlangano eyengamele ezempilo emhlabeni, i World Health Oarganisation, ithi i Covid iseyingozi enkulu namanje njengoba isaloku iqhubekile nokubulala inqwaba yabantu. Ngokwezibalo ezikhishwe ilenhlangano, babalelwa enkulungwaneni namakhulu ayisikhombisa abantu ababulawa ileligciwane masonto onke,emhlabeni jikelele.
Phakathi kwezinto ezenza leligciwane liqhubeke nokuba namandla, kubalwa ukudembesela kwabantu ukuligomela njengoba kuvela ukuthi sehle kakhulu isibalo sabantu abagomayo. Ngale nje kwabagoma okokuqala, kunesikhalo nangalaba abathatha umgomo wokuqala, bangabe besaqhubeka neminye njengokufanelekile. Abasebenzi bezempilo kanye nabaneminyaka engaphezu kwamashumi ayisithupha ubudala, yibona okuvela ukuthi basengcupheni enkulu yokuhlaselwa ileligciwane.
Babalelwa ngaphezu kwezigidi eziyisikhombisa abantu asebebulawe ileligciwane seloku lamenyezelwa okokuqala.