I Democratic Alliance iyibambe ngamankwahla i African National Congress kolokwakhiwa kukahulumeni owumbimbi njengoba lingekho iqembu elanqoba ukhetho ngamavoti alivumela ukuthi lingabusa lodwa. I DA ne ANC iwona amaqembu ahamba phambili kulobudlelwano bokwakha uhulumeni owumbimbi kanti asebalelwa eshumini amanye amaqembu asebajoyinile.
Muva nje i DA yenze iziphakamiso kwi ANC nethi uma zingaphumeleli kuzobe kusho ukuphela kobudlelwano kulamaqembu,nobukeka kungadala umonakalo omkhulu kuhulumeni owumbimbi. Phambilini i DA ibiphakamise ukuthi inikezwe amandla okwengamela iminyango eyishumi. UMnyango ewubheke ngabomvu oweZohwebo, Izimboni nokuncitisana. I ANC ikushintshile loku njengoba isifuna ukunika i DA uMnyango weZokuvakasha. Akuyiphathe kahle i DA loku, ikakhulu njengoba i ANC isiphinde yehlisa isibalo sosekela Ngqongqoshe abavela kwi DA.
Loku kwenzeka nje izwe lonke lilindele ukuthi uMongameli uCyril Ramaphosa amemezele iKhabhinethi yakhe ukuze izoqala isebenzele abantu.