I Democratic Alliance ithi ikholelwa ekutheni inkulumompikiswano ngodaba lomhlaba izophazamisa umnotho, iwenze untengantenge.
Ikusho loku ngemumva kokuba uMholi we PAC, u Mzwanele Nyontso ezwakalise ukuthi kuzomele kubhekwane nodaba lomhlaba nokungalingani okudalwa ikona. Uthi ngokwakhe kumele kubuyekezwe iziphakamiso zokuthi kushintshwe isigaba 25 somthethosisekelo.
U Mlindi Nhanha we DA uthi loku okushiwo u Nyontso ngesigaba 25 somthethosisekelo, akusilona iqiniso. Uthi lesigaba sivulelekile ukuthi kwenziwe izinto eziningi ezingaholela ekutheni kulungiswe udaba lomhlaba. Uthi elakuleli lidinga indlela ephusile yokubhekana nodaba lomhlaba, kube ezohambisana nomthethosisekelo.
U Nhanha uthi udaba lomhlaba lungasingathwa ngendlela efanele, nayizinhlaka ezifanelekile kube kuqinisekiswa uzinzo lomnotho kuphinde kuhehwe nabatshalizimali abazosiza ekudaleni amathuba omsebenzi.