I Democratic Alliance Kwa Zulu Natal ithi ukunqanyulwa kwesabelomali kulesifundazwe, kuzophazamisa eminye iminyango kahulumeni ukuthi ihlinzeke ngezidingo kubantu. Iminyango ethi izothinteka kakhulu ilesimo, owe Zokuthuthukiswa koMphakathi, owezeMfundo noweze Mpilo.
Leliqembu lisho loku nje, ngesonto eledlule u Ngqongqoshe we Zezimali, u Francois Rodgers, watshela i-Sishayamthemtho ukuthi bazithola bephoqelekile ukuthi banqamule isabelomali sesifundazwe ngo R12 billon, kuleminyaka emithathu ezayo. Okhulumela i DA kwezezimali, uTim Brauteseth, uthi kumanje lesabelomali esikhona asanele ukuthi sibalonde kuze kufike unyaka omusha wezimali. Uthi angeke basolwe abaphathi bakulesifundazwe uma bengabhikishela impatho abayithola kwabasingethe izimali kuzwelonke.
Ngesonto eledlule, uNgqongqoshe weze Mpilo kwa Zulu Natal, uNomagugu Simelane, wakhala esifanayo ngesikhathi ethula isabelomali soMnyango wakhe.