I KHABINETHI ENTSHA YAKWA ZULU NATAL

By Sithembiso Sibisi · Jun 18, 2024
I KHABINETHI ENTSHA YAKWA ZULU NATAL picture

UNdunankulu omusha waKwaZulu Natal uThami Ntuli wethule ngokusemthethweni ikhabhinethi yakhe. Ukwenze loku ngemumva nje kokufungiswa kwakhe emcimbini obubanjelwe eMgungundlovu namhlanje.

Enkulumweni yakhe uthe uyaqonda ukuthi labantu azosebenza nabo bavela emaqenjini ahlukene ezepolitiki kodwa kuzomele bakubeke eceleni loko,babeke phambili ukusebenzela abantu baKwaZulu Natal. Ube esebanxusa ukuthi bangabe besapholisa maseko kodwa baqale kwakhona manje ukwenza abakuqokelwe, nokuwukusebenzela abantu besifundazwe.

UHLU LONGQONGQOSHE

1.Owezokuthutha nokuhlaliswa kwabantu: Transport and Human Settlements : Siboniso Duma

2.Owezokubusa ngokubambisana nezomdabu: Mfu. Thulasizwe Buthelezi ( IFP)

3.Owezempilo: Nomagugu Simelane (ANC)

4.Owezokuthuthukiswa komphakathi: Mbali Shinga (NFP)

5.Owezemisebenzi yomphakathi: Martin Meyer (DA)

6.Owezezimali: Francois Rodgers (DA)

7.Owezokuthuthukiswa konnotho nezokuvakasha: Musa Zondi ( IFP)

8.Owezolimo: Thembeni Madlopha (IFP)

9.Owezemfundo:  Sipho Hlomuka ( ANC)

10.Owezemidlalo, ezobuciko namasiko: Mntomuhle Khawula (IFP)

 

 


 

Share on

Comments

No comments yet.
Click here to contact us on WhatsApp