Iqembu lo Mkhonto Wesizwe lithi akulona iphutha ukuthi ikhiphe amalungu ayo ayishumi nanhlanu e Phalamende likazwelonke. Leliqembu limangaze abaningi ngalesinqumo salo, ikakhulu njengoba kungakabi nayisikhathi esingakanani amalunga alo efungisiwe.
Okhulumela i MK, u Nhlamulo Ndlela, uthi loku abakwenzile bekufanele ngoba laba abayishumi nanhlanu abafanelekile ukuthi bangabamela kulesigaba abakusona njengamanje njengeqembu, ikakhulu njengoba besemkhankasweni wokuba yiqembu elisemthethweni eliphikisayo. Uthi ubulunga balaba abayishumi nanhlanu bunqanyuliwe kuleliqembu. Uqinisekisile ukuthi akukho okungalungile abakwenzile futhi amalunga abo ayaqonda ukuthi kwenzekani.
Okhulumela iPhalamende u Moloto Mothapo, uthi bayitholile incwadi evela kwi MK, ephakamisa ukukhishwa kwalamalungu ayo. Uthi basazosicubungula lesiphakamiso bese bekhipha isinqumo.