Iqembu loMkhonto Wesizwe eliholwa ilowo owayenguMongameli wakuleli uJacob Zuma,seluludlulisele enkantolo yezokhetho udaba lwemiphumela yokhetho lwangenyanga edlule. Leliqembu likhala ngokuthi kuningi okungahambanga kahle kulolukhetho futhi lwalungelona olukhululekile nolunobulungiswa.
Akukona okokuqala i MK ifaka isikhalo enkantolo ngemiphumela yokhetho. Kulona lelisonto ike yanikela enkantolo ,inxusa ukuthi kunqandwe ukuhlala kokuqala kwephalamende. Lesicelo asiphumelelanga njengoba ligcine lihlalile iphalamende,kwafungiswa namalunga alo. Kwenzeke loku engekho amalunga e MK kuzwelonke, njengoba ebeshilo phambilini ukuthi angeke azibandakanye.
Ngokwe MK kumele imiphumela yokhetho ithathwe njengento engekho bese kubanjwa kabusha ukhetho zingakadluli izinsuku ezingamashumi ayisishiyagalolunye.
Namhlanje u Zuma ubize isithangami sabezindaba lapho kulindeleke ukuthi acacise khona zonke izinto ezithinta iqembu,ikakhulu ukuthi libhekephi ukusuka manje.