Iqembu loMkhonto Wesizwe lithi ukuhoxisa kwayo icala elivule eNkantolo yezokhetho,akusho ukuthi sekuphelile ngalelicala kodwa loku ikwenze ngoba kukhona imicikilisho esafuna ukubhekana nayo.
Leliqembu lanikela eNkantolo yezokhetho kulandela ukuthi linganelisekile ngemiphumela yokhetho lwalonyaka njengoba ithi kuningi okungahambiswanga ngendlela kulona. Phakathi kwezinto ekhala ngazo, ukutholakala kwamabhokisi okuvota ezindaweni ezingafanele, nokuthi kunamavoti abalelwa ku R 9.3 million okusolakala ukuthi awabalwanga.
Ngokwesitatimende esikhishwe ileliqembu, ukuhoxisa kwalo icala likwenze ngoba lilandela izeluleko zabomthetho, ababone kungababa yinto engcono ukuthi bathathe lesinqumo. Sithi akungoba lingenabo ubufakazi bokuthi kukhona okungahambanga kahle okhethweni, ubufakazi linabo futhi selithole nobunye obengeziwe.