INyunyana yothisha iNATU isiphakamise ukuthi sivalwe isikole sabakhubazekile esikwa Hlabisa ngemumva kokuthi abafundi baso behlaselwe ukugula okungaqondakali. Abafundi abenza ibanga leshumi e Intuthuko Special School kubikwa ukuthi bebesekhempini,bezilungiselela izivivinyo zokuphela konyaka ngesikhathi bekhala ngezisu ezibalumayo nezibakhiphayo.
I NATU ithi kuyinto engenhle neze ukuthi othisha nabafundi bangadela isikhathi sabo samaholidi,baye kozilungiselela izivivinyo bese bezithola bebhekana nalesimo. Inxusa ukuthi kumiswe ukufunda nokufundisa kulesikole bese kwenziwa uphenyo olunzulu ngomsuka walenkinga.
Izinsolo ezingaqinisekisiwe zikhomba ukuthi indaba isekudleni abakudlile labafundi kodwa iqiniso lizovela uma sekwenziwe uphenyo.