I Mangosuthu University of Technology ithi ayikakulungeli ukuphawula mayelana nezinsolo zokuthi kunabafundi abagwaza ngocansi ukuze bezothola amamaki azobaphasisa.
Owesilisa ofundisa kulesikhungo kuthiwa ubelala nabafundi besifazane bese ebanika amamaki angabafanele, kwabanye kuthiwa ubethatha imali. Kukhona othe uma ethola ngaloku, wabikela iziphathimandla. Le Nyuvesi ithi lukhona uphenyo oluqhubekayo ngaloludaba kanti owesilisa osolekayo,umisiwe emsebenzini. Ikhala ngabanye abasebenzi bayo abapotshozela abezindaba imibiko engaqinisekisiwe.
Lesikhungo sithi loludaba lubucayi kakhulu futhi ayiluthathi neze kancane. Sibe sesithembisa ukuthi ngesikhathi esifanele, sizokhipha umbiko waso ngokuqhubekayo.