I PSA IKHALA NGOKUXHUMANA PHAKATHI KWABAPHATHI NABASEBENZI ENKANTOLO YASETHEKWINI

By Sithembiso Sibisi · Jul 23, 2024
I PSA IKHALA NGOKUXHUMANA PHAKATHI KWABAPHATHI NABASEBENZI ENKANTOLO YASETHEKWINI picture

Inyunyana yabasebenzi, i Public Servants Association isizwakalise ukungathokozi ngendlela okuqhubeka ngayo izinto eNkantolo kaMantshi, eThekwini. 

Oyisikhulu se PSA kwaZulu Natal, u Mlungisi Ndlovu, uthi ngesikhathi kunokusabisa ngokuthi kunebhomu kule Nkantolo namhlanje ekuseni, akuzange kube nokuxhumana okuhle phakathi kweziphathimandla zeNkantolo, nabasebenzi. U Ndlovu uthi abasebenzi bakhishiwe ebhilidini kwathiwa abame endaweni yokupaka izimoto, kwabe sekuphelile, akekho obuyele kubona wabachazela ngokuqhubekayo.Uthi neziphathimandla bezibonakala zididekile futhi akubonakali kunohlelo oluqondile,okumele lulandelwe ezimweni eziphuthumayo njengalesi sanamuhla. 

Isidididi siqale ngesikhathi iNkantolo ithola ucingo obelusabisa ngokuthi kunebhomu elikhona futhi lizoqhuma ngokugamanxa kwehora leshumi ekuseni. Ngemumva kokuhlolisisa yonke indawo, ochwepheshe abazi kabanzi ngamabhomu bathole ukuthi bekungumbuzo wenyoka wodwa lo.

Share on

Comments

No comments yet.
Click here to contact us on WhatsApp