I South African Federation of Trade Unions ithi baningi abantu abasazolahlekelwa imisebenzi kuleli. I SAFTU ikusho loku ngemumva kokuba i Statistics SA ikhiphe izibalo zezemisebenzi zalesigamu sonyaka, neziveza ukuthi kulahleke imisebenzi engu 67 000 esigabeni sokuqala sika 2024.
Imisebenzi eminingi kuvela ukuthi ilahleke phakathi kuka March 2023 no March 2024. Izimboni ezishayeke kakhulu ezohwebo,ezokuhlinzeka izinsiza emphakathini.
U Nobhala jikelele we SAFTU uZwelinzima Vavi uthi umnotho wakuleli ukwenza kubenzima ukuthi izinkampani ziqashe abasebenzi abasha. Uthi izinkampani eziningi njengamanje,ikakhulu ezezimayini,zibamba izingxoxo nabasebenzi,ngenhloso yokuthi zibadilize.