I Meya ye Theku, u Cyril Xaba, uthi uhlelo lokubhaliswa ngokusemthethweni kwezipaza, kuhloswe ngalo ukuthuthukisa lemboni.
U Xaba usho loku nje sesiya ngasekupheleni isikhathi esivulelekile sokuthi bonke abanikazi bezipaza babhalise ukuze amabhizinisi abo ezoba semthethweni. Loku kuza ngemumva kokuba kube nokukhala okukhulu ngokuthi lemboni ewumgogodla womnotho wasemalokishini, isiwele ezandleni zabokufika futhi abayiphethe ngendlela engalungile.
Ekhuluma e Mlazi ngesikhathi kuqhutshwa umkhankaso wokukhuthaza ukubhaliswa kwezipaza, uXaba uveze ukuthi eThekwini nje kuphela,zingenisa inzuzo elinganiselwa ku R 25 billion ngonyaka futhi zihlizeka ngomsebenzi kubantu abangaphezu kwezinkulungwane ezingamakhulu amabili namashumi amahlanu. Uthi bafuna uuqinisekisa ukuthi zihlinzeka ngomsebenzi osezingeni elamukelekile ukuze kuzokhulu umnotho.