Umlingisi we Sibongile and the Dlamini's, oyindodakazi ka Zanele Mbokazi ongasekho, u Yolanda Myeza, uthi beliqine ngendlela engachazeki igoda phakathi kwakhe nomnina. Uthi kukona konke abekwenza, ubazi ukuthi umama wakhe uzomeseka.
U Zanele obengumsakazi osemnkantshubomvu, obephinde abe u Somabhizinisi nobhali wezincwadi,udlule emhlabeni izolo ngemumva kokuxinwa umdlavuza wamaphaphu,otholwe ezinyangeni ezimbalwa ezidlule, ususesigabeni esibucayi kakhulu.Izindaba zokudlula kwakhe emhlabeni, zikhalise abantu abaningi njengoba impilo yakhe ithinte abantu abehlukeni,ngezindlela ezingefani.
U Yolanda uthi u Zanele noma ebesembonini yezikaqedisizungu futhi enamagalelo amakhulu kuyona, akakaze amnxenxe ukuthi naye akangene kuyona. Uthi kuthe uma esengenile kuyona, wameseka ngayoyonke indlela futhi ubazi ukuthi angabuza noma yini kuyena ngalemboni.