Amahhovisi oMnyango weZemfundo nawe Misebenzi yoMphakathi ase Mgungundlovu, abhekene ngengwadla yokuvalelwa ugesi namanzi ngenxa yokuhluleka ukukhokha.
Osukwini lwayizolo, u Masipala wase Msunduzi uvale amanzi nogesi kulamahhovisi ngoba isikweletu sawo sesiqonge saze safinyelela emalini eyizigidi eziyikhulu neshumi nambili zamarandi. Namahhovisi oMnyango weZempilo akhona kulelidolobha, awasalanga ngaphandle ngesikhathi kunqanyulwa ukusebenza kukagesi namanzi. Wona kuthiwa akweleta imali eyizigidi eziyisithupha namakhulu ayisishiyagalolunye zamarandi.
Ukuvalwa kukagesi namanzi, kuyingxenye yohlelo lukaMasipala olubizwa nge Operation Qoqimali, okuhloswe ngalo ukuphoqa abantu ukuthi bakhokhe.