Kube yinjabulo yodwa, kwakhunjulwa izikhathi zakudala ngesikhathi kuhlangene ababengabalingisi be Sarafina yokuqala ngoMgqibelo. Laba bebehlangene ezindlini zomsakazo iMetro FM eGauteng lapho bebemenywe khona omunye uzakwabo ababelingisa naye kulomdlalo kodwa osengumsakazi, uSomizi Mhlongo.
Phakathi kwabebekhona kubalwa uNhlanhla Ngema ongumfowabo ka Mbongeni Ngema ongasekho,nokunguyena owasungula i Sarafina, u Leleti Khumalo, u Seipati Sothoane, uSindiso Sibiya, uKhanyo Maphumulo nabanye.
Inhloso yalomhlangano obubanjwe bukhoma ohlelweni olwethulwa uSomizi njalo ngeMigqibelo ekuseni, bekuwukuvala inyanga yabantu abasha, nesibizwa abanye ngenyanga ye Sarafina ngoba lomdlalo weshashalazi owagcina uphendulwe ifilimu,ukhuluma ngezigigaba zango June 16 ka 1976. Bekuwukubheka nohambo izwe lakuleli eselilihambile kuze kube manje.
Labalingisi abagcinanga nje ngokukhuluma kodwa bajabulise abalaleli balomsakazo ngokuqhulula amanoni acashunwe kuwona lomdlalo wodumo.