UMnyango weZokubusa ngokuBambisana ne Zindaba Zomdabu usukhiphe isixwayiso esiphuthumayo mayelana nesimo sezulu esingesihle kwaZulu Natal.
Lo Mnyango uthi kuzoba namakhaza ashubisa umnkantsha ezingxenyeni ezahlukene zesifundazwe ngakho abantu bayanxuswa ukuthi baqaphele. Ezindaweni ezisogwini kuthiwa kuzoba nemimoya enamandla kanye namagagasi anolaka. Lesimo sezulu singase siholele ekugugulekeni kwemigwaqo nokucekeleka phansi kwezakhiwo kanye nemfuyo.
Okhulumela uMnyango, u Senzo Mzila, uthi ababhekele izinhlekelele bami ngomumo ukuhlinzeka ngosizo lapho bezodingeka khona. Uthi bayabanxusa labo abasebenzisa izimbawula ukuzigcina befudumele,ukuthi baqinisekise ukuthi bazisebenzisa ngendlela ephephile.