ISIFO SIKASHUKELA SIBULALA ABANINGI KULELI

By Sithembiso Sibisi · Sep 17, 2024
ISIFO SIKASHUKELA SIBULALA ABANINGI KULELI picture

U Sekela Ngqongqoshe weZempilo, u Joe Phaahla, uthi isifo sikashukelwa sibalwa nezihamba phambili ngokubulala abantu abaningi kuleli. Ngo 2020 besingesesibili,silandela ezithendeni ze Covid 19, eyafika yabhubhisa.

Ekhuluma emhlanganweni wabacwaninga ngezifo ezibangelwa indlela yokuziphatha,obubanjelwe ePitoli, u Phaahla uveze ukuthi kusukela ngo 2018, isifo sikashukela sibe nomthelela omkhulu ekushoneni kwenqwaba yabesifazane. Uthi into engasiza ukuthena lesifo amandla, ukubambisana nokuthi kusheshe kutholwe uma kukhona esesimphethe. Kunemikhankaso athi sebeyiqalile,ukufundisa abantu ngokubaluleka kokuzivocavoca, ukudla ukudla okunempilo nokuhambela kude notshwala kanye nogwayi.

Ezinye izifo eziyingozi futhi ezibulala abaningi kuleli, umdlavuza, izifo eziphazamisa umgudu wokuphefumula kanye nesifo senhliziyo.

 

 

Share on

Comments

No comments yet.
Click here to contact us on WhatsApp