ISILO SIKHALA NGOKUMISWA KOKUSEBENZA KWE THALA

By Sithembiso Sibisi · Aug 26, 2024
ISILO SIKHALA NGOKUMISWA KOKUSEBENZA KWE THALA picture

I Silo sesizwe sama Zulu,i Nkosi u Misuzulu Zulu, ikhala ngokuthi ukumiswa lwe layisense yokusebenza kwebhange i Thala, kuzoba nomthelela ongemuhle ezinkulungwaneni zabantu bakulesifundazwe. Usho loku ngemumva kokuthi kuvele izindaba zokuthi i-Financial Sector Conduct Authority isithathe isinqumo sokumisa ukusebenza kwalelibhange ngoba lihlulekile ukumelana neminye imigomo ebekelwe izikhungo ezisebenza ngemali.

U Ndunankulu wama Zulu, u Thulasizwe Buthelezi, uthi i Silo sesinxuse ukuthi ubuholi bendabuko bungenelele kuloludaba ukuze kuzotholwa isisombululo. U Buthelezi uthi i Silo sinethemba lokuthi uNgqongqoshe weZezimali, uzoboniseka ukuthi anikeze lelibhange igunya lokuthi lisebenze futhi ngoba lingumgogodla womnotho wasemakhaya futhi ilona elimise inqwaba yamabhizinisi asemakhaya nawasemalokishini.

I FSCA ithi ukumiswa kokusebenza kwalelibhange okuqale ngo July, kuzoqhubeka kuze kube liyigcina yonke imigomo efanele.

Share on

Comments

No comments yet.
Click here to contact us on WhatsApp