I Silo sesizwe samaZulu, i Nkosi u Misuzulu Zulu, sesizwakalise ukukhathazeka okukhulu ngobugebengu bokubulawa kwabantu, kusetshenziswa izibhamu.
Sikhuluma nezinkumbi zabantu ababalelwa ngaphezu kwezinkulungwane ezingamashumi amane ebezisemkhosini wo Mhlanga, obubanjelwe esigodlweni sase Nyokeni ngempelasonto, i Silo sikhale ngamazinga obugebengu obuthinta ukusetshenziswa kwezibhamu, aphezulu kakhulu kulesifundazwe futhi asenze kwayisona esizohola phambili ezinye. Sinxuse ukuthi uma kukhona abathintekayo kulesihlava esicekela phansi isifundazwe, ukuthi abayeke ukuze kuzobuya isithunzi samaZulu.
Lenkulumo ye Silo iza ngemumva kwesigameko esinyantisa igazi, sokuqothwa ngenhlamvu kwamalunga ayisikhombisa omndeni wakwa Khambule, eHighflats, ngesonto eledlule. Phakathi kwababulewe,kukhona nezingane ezintathu.