ITWETWE NGOKUNYAMALALA KWEMALI EBHANGE

By Sithembiso Sibisi · Jul 4, 2024
ITWETWE NGOKUNYAMALALA KWEMALI EBHANGE picture

Abantu abasebenzisa u Standard Bank bahlalele ovalweni kulandela imibiko yokunyamalala kwemali kulelibhange. Imibiko ngalesimo isabalele ezinkundleni zokuxhumana njengoba kukhona abakhala ngezizumbulu zabo ezivele zanyamalala nje,abazi kanjani. Abanye bakhuthaza ababhanga kulelibhange ukuba bangapholisi maseko kodwa bakhiphe imali yabo ingaze inyamalale.

Abakwa Standard Bank bayaphika ukuthi kukhona okungahambi kahle ngakolwabo uhlangothi . Oyinhloko ebhekeleezokuphepha kulelibhange u Thabani Ndwandwe uthi bazozicubungula zonke izikhalo , ngasinye ukuze bezofinyelela emnyombweni walenkinga.

UNdwandwe uthi basazibophezele ekuqinisekiseni ukuthi ziyancipha izigameko zokuthi amakhasimende abo alahlekelwe yimali. Uthi ezokuphepha baziqinisile futhi bayaxhumana namakhasimende abo,bawazise uma kukhona abakusolayo emalini yawo.

Share on

Comments

No comments yet.
Click here to contact us on WhatsApp