Izilokotho ezinhle zingena zingenile njengoba abantu bakuleli nabasemazweni angaphandle befisela iSilo sesizwe samaZulu, iNkosi uMisuzulu Zulu, usuku oluhle lokuzalwa. Namhlanje iSilo uMisuzulu sihlanganisa iminyaka engamashumi amahlanu sidla anhlamvana.
Ekhuluma esiteshini sikamabonakude somphakathi, oyisazi samasiko, u Khaya Ndwandwe, ufisele iSilo usuku oluhle, ikakhulu ngoba ngokomlando sidla amasi ko Ndwandwe. U Ndwandwe uzwakalise ukuthi nakuba kuke kwaba nombango ngesikhathi ngesikhathi ethatha isihlalo kodwa ubonakala esaphethe kahle. Uthi okuhle ukuthi ungungwe abantu abadala, abamupha iziyalo.
Ukugubha usuku lwaso, iSilo sibe nomdlalo wegalofu e Ballito, nokuwumdlalo esibanawo minyaka yonke.
Siyithimba le Ezasekhaya News, sithi unwele olude Hlanga Lomhlabathi!!!